Saturday 18 July 2015

MSANE TRIBE HISTORY vs MKHWANAZI TRIBE HISTORY


MSANE TRIBE HISTORY vs  MKHWANAZI TRIBE HISTORY

MSANE TRIBE HERITAGE TRUST inhlangano ebhaliswe ngokusemthethweni eNkantolo eNkulu yesiFundazwe sakwaZulu/Natal. Isungulwe mhla zingu 25 July 2014, emuva kwemihlangano eminingi yeSizwe sakwaMsane esiseNyakatho neNingizimu yogu lwesiFundazwe sakwaZulu/Natal.

Izinhloso ezikumthetho-sisekelo wenhlangano, 1.Ukuqoqa wonke umlando mayelana nemvelaphi kanye nobuKhosi beNdabuko beSizwe sakwaMsane. 2.Ukuvikela ukunyathelwa komlando oyiqiniso, umhlaba kanye namagugu eSizwe sakwaMsane. 3.Ukulwela ukuvuswa kwesihlalo sobuKhosi beSizwe sakwaMsane kanye nomhlaba lapho abantu beSizwe sakwaMsane, babebusa khona, befuyile benomhlaba futhi ngaphambi kombuso wamaKoloni ngaphansi kweNdlovukazi yamaNgisi uQueen Victoria.

4.Ukuqhakambisa amaqhawe kanye namaqhawekazi abantu beSizwe sakwaMsane abayibamba ishisa ukuphikisana nemithetho yamaNgisi yokunyathelwa kwesiko-mpilo lendabuko lazo zonke izizwe ezazakhele lesisifunda. 5. Ukusebenzisana nezinye izizwe ekuthuthukiseni isifudazwe sakwaZulu/Natal.

Njengabantu beSizwe sakwaMsane abasekhaleni ekulweleni ukubuyiswa kwesithunzi seSizwe, siyazi futhi siyakuqonda ukuthi akuyikuba lula esizukulwaneni seziwe sakwaMkhwanazinesakwa Mthethwa ukwamukela umlando oyiqiniso ngeSizwe sakwaMsane, ngoba akulula ukusuka esihlalweni samandla okubusa esasithathwe ngo Khokho bazo ngendluzula, nangepolitiki yamaNgisi eyayisebenzisa abanye abantu abamnyama ukuphuca isiszwe esasinobuKhosi  beNdabuko.

                               
1.UMLANDO WABAKWA-MKHWANAZI

Uma ngiwufunda kahle umlando wabakwa Mkhwanazi ababuye baziwe ngokuthi abakwaMpukunyoni, ngithola ukuthi badabuka eSwazini, base behla ngomfula iNgwavuma, belandela abakwa Mthethwa ngoba kukhona ukuhlobana okuthile phakathi kwabo. Kuthiwa behla njalo baze bafika endaweni eyayiphethwe ngabakwaThabethe, bangakuthola ukwamukeleka kahle, badlula bafika kwenye eyayiphethwe ngabantu bakwaMafu wakwaMngomezulu, nalapho kabakutholanga ukwamukeleka kahle,kwabaphoqa ukuba bahambe balibhekise ngasolwandle.
Ekuhambeni kwabo behlukana phakathi. Kwathi iqembu elaliholwa nguMnyenyeza langena phakathi nezwe lakha eduze kwesizwe saseMncwangeni, phakathi kwemifula iHluhluwe kanye neNyalazi. Bafike lapho base bezibiza ngokuthi bangabakwaMnqobokazi. Kuthiwa bahlala kule ndawo ngokukhulu ukuthula. Kwaze kwathi ngesikhathi ibutho lakwaZulu, uDlangezwa, lijutshwa ukuba lihlasele abakwaMsane abakwaMnqobokazi nabo bahlaseleka. Njengoba ngishilo ukuthi abantu bakwaMnqobokazi bangabantu bakaMnyenyeza wakwaMpukunyoni, uMnyenyeza wazala uWokoza, yena wazala uNkomo, okwavela kuye abantu bakwaNkomo.



Iqembu lesibili lakwaMpukunyoni laliholwa ngoMdolomba , bona bawela iNyalazi balibangisa kwelakwaMthethwa. Base bezibiza ngokuthi ngabakwaMkhwanazi. KwaMthethwa ngaleso sikhati kwakubusa uKhayi, okwaba nguyena owakha obukhulu ubudlelwano nabantu bakwaMkhwanazi okuyingxenye yakwaMpukunyoni. Kwathi ngesikhathi uDingiswayo kwaMthethwa, kwaMkhwanazi kwakubusa uVilana indodana kaCungele kaMdolomba. Kuthiwa uVilana waba ngezinye zezinsika zomuzi kaDingiswayo owawubizwa ngokuthi kusoHheni. Okwathi emva kwesikhathi waba yinduna.
Ngokuthi wake waba yinsila yenkosi, kwabe sikuthiwa bantu bakwaMkhwanazi ngoNkwali yeNkosi, behlonipha insila yenkosi. Abantu bakwaMkhwanazi kwasekuthiwa ngabeZembe. UMalanda indodana kaVilana waganiselwa nguMpande udadewabo uNtikili ozale uSomkhele uyise kaMtubatuba. Yingakho nje kukhona idolobha laseMtubatuba ezweni lakwaMpukunyoni, kulandela igama likaMtubatuba. Lelo dolobha liphinde laziwe ngelithi kukwaNkomokayixoshwa--ngoba kuthiwa kwakuthi uma kubaleka inkomo ezohlatshwa , iNkosi uMtubatuba ithi kayiyekwe , ingaxoshwa, bese kuhlatshwa enye.

Umlando ukubeka ngokusobala ukuthi abakwaMkhwanazi bafika abakwaMsane sebekhona, babumbana nebutho likaShaka uDlangezwa ukuhlasela iSizwe sakwaMsane esasiholwa uNxaba ka Mbhekane, ngoba sasinamandla futhi sizimele ngenxa yeNkosi uNxaba. Kuyacaca ukuthi ngesikhathi befika kwabakwaThabethe nabakwa Mngomezulu, babengakabi nawo amandla okubahlasela. AbakwaMkhwanazi abafikanga nabakwaMsane beqhamuka eSwazini, kanti abakwaMsane bangokudabuka lapho abakwaMkhwanazi bakhelene khona nabakwa Mkhwanazi. Lokho kuchaza ukuthi ubuKhosi bakwaMsane obeNdabuko, niyawuthanda umlando noma aniwuthandi, kodwa umlando ungumlando awuguquki, kepha uyakwazi ukunyathelwa uma abantu baleso sizwe besaba noma bengazi lutho, kepha abawaziyo babhekana nacho ukufa ngoba awukwazi ukuqamba amanga uthi kwenzeka ukuthi, kanti ngenxa yobugebengu bamanje-na abantu sebeye bavunyiswe ngisho amacala abangawenzanga ngoba bemelwe ngezibhamu, noma bethselwa ukubulawa.

Ngicabanga ukuthi usuku lwangomhlaka  13 May 2015, njengoba ngangifike lapho eMahhovisi oMkhandlu kaMasipala ngizocela ukuba sivunyelwe ukubamba umhlangano ehholo elisedolobheni loMkhandlu, Mtubatuba Municipality, ngihlangana nokuhlaseleka ngamazwi, okuyinto engangingayilindele ngoba ngangizitshela ukuthi ngize emahhovisi oMkhandlu kaHulumeni, hhayi aweSizwe sakwaMkhwanazi kwaMpukunyoni.  Kwakungamele size singene nakuleya nkulumo-mpikiswano, kwakumele ngisizakale ngendlela efanele ngoba ngangize lapho kungama hhovisi asiza wonke umuntu ngaphandle kokuthi uyiliphi iqembu lezoMbusazwe, noma ungowasiphi iSizwe, engicabanga ukuthi loko okwenzeka kwaba ukwephula umthetho olawula ukusebenza koMasipala baseNingizimu Africa. AbaMhlophe namaNdiya uma behlangene ngokobuzwe babo abakutholi ukucindezelwa, kepha thina bantu sicindezelana sodwa ngoba silazi iqiniso ukuthi lapha esibacindezelayo ngabantu abanelungelo lendabuko ukuhlangana ngokobuzwe babo, badingide izindaba ezithinta isizwe.

Imiphumela yophando eqhamukayo, olungenziwanga yimina, kepha olwenizwa ngabakwa Human Research Counsil Of South Africa, ngo March 2011, belwenzela abakwa COGTA, kuvela ukuthi kunamaKhosi ayishumi nantathu (thirteen), abekwa ngo 1879 u Sir Garnet Wolsely ngokwe politiki yama Koloni enhla nesiFundazwe sakwaZulu/Natal. Lawo Makhosi kwabe; Hamu kaMpande, Somkhele ka Malanda, (Mthethwa), Mlandela ka Mbiya (Mthethwa), Mgitshwa kaMvundlana(KwaBiyela), Gawosi (KwaMpungose), John Dunn (KwaMagwaza), Mfanawendlela kaThanga ( KwaZungu), Faku ka Ziningi ( KwaNtombela), Sekethwayo ka Nhlaka(KwaMdlalose), NtshingwayokaMahole (KwaKhoza), Zibhebhu kaMaphitha (KwaMandlakazi), Hamu (Ngenetsheni), Mgojana ((eMagazini), Manyonyoba (Hlubi).

2.UMLANDO WABAKWA-MSANE

Umlando ngabantu beSizwe sakwaMsane, kuthiwa badabuka endaweni esibizwa ngokuthi ise Hluhluwe, emva kweNtaba okuthiwa Umthekwini, babeyiSizwe esasibumbembene nesakwaMzimela, bakhelene nabakwaMnqobokazi, yingakho abakwaMnqobokazi bathinteka nabo bahlaseleka ngesikhathi ibutho likaShaka uDlangezwa lihlasela isigodlo seNkosi yakwaMsane uNxaba.

Akukho lapho kuvela khona emlandweni ukuthi bangokudabuka Eswazini. Noma bekhona bebaningi eSwazini, yingoba bahlakazeka ngenkathi behlaselwa ngesihluku nonya olwalungenabuntu ngabakwaMkhwanazi sebehlangene nebutho likaShaka. Kwashiswa amanxuluma ezindlu zabantu bakwaMsane, kwadliwa nemfuyo yabo nomhlaba, konke nezingane nabesifazane, ngesikhathi amadoda elwa ezama ukuvikela imfuyo nomhlaba weSizwe sakwaMsane. Kuqale lapho-ke ngalezo zikhathi ukuhlakazeka kwabantu beSizwe sakwaMsane njengoba ubathola sebesezindaweni zonke kumagumbi omane omhlaba, hhay kusiFundazwe sakwaZulu/Natal kuphela. Uyabathola, eSwazini, Mozambique, Zimbabwe, Malawi, Delagoa Bay, Inhambane, kanye nakwezinye izifundazwe zalapha eMzansi.

Umlando wabantu beSizwe sakwaMsane ubanzi futhi ujulile, lokho okwenza abantu bathuthumele kuxukuzele ngisho izisu uma ubalandisa uwulanda ekujuleni kwawo. Kunabantu bakwaMsane abalalise umhlwenga, babizwa ngeziNduna emhlabeni weNdabuko woKhokho wabo, ngenxa yokugwema umsindo kanye nokuchitheka kwegazi, ngoba uma isiqhwaga sikuqhwaka okungokwakho kusuka impi enamandla. Ubuqhwaga into yasemandulo eze yayongenelela nasesizukulwaneni, yingakho nanamuhla ubona kuneziyaluyalu nezizimpi zemibango engenasidingo. Abantu bakwaMsane bangabantu abakwaziyo ukwehlela ngezansi ngoba bangabantu abathanda ukuthula, nehlalakahle kuzo zonke izizwe. Abasiwo amagwala, bayakwazi ukumelana nanoma iyiphi impi ebahlasela, kungaba eyomlomo noma eyezikhali. Kubalulekile uma kuthinthwa izindaba ezinjenga lezi zikhulunywe ngokukhulu ukuchophelela, ngoba igazi loKhokho babantu beSizwe sakwaMsane aligezwanga liyahlokoma ezindaweni eziningi.

Zining izingqalabutho zesizwe sakwaMsane ezazinobuchopho obuhlakaniphile ekubumbeni iSizwe sakwaZulu. Umlando wobuKhosi bepolitiki ovelayo woMbuso wamaKoloni wakwaMsane, wawusendaweni yeSizwe sakwa Dlomo eMakhabeleni Tribal Authority, lapho kwabekwa uChief Meyiwa Msane, esetshenziswa ngabamhlophe ukucindezela ubukhosi beSizwe sakwa Dlomo esaziwa ngokuthi yiseMakhabeleni, futhi akubanga busathathwa muntu wakwa Msane emuva kokushona kukaMeyiwa, ngoba kwakungesibo obendabuko kuleya ndawo. UMLANDO UYAQHUBEKA, bengithi nje jwaphu Mtimande ukuze noma siya phambili kepha kzonke izinto zibekwe obala. Inkinga yokuthi abantu baqinise amakhanda imali kanye nezinto eziyintuthuko eseziyiakhiwo kulezo ndawo zobukhosi bendabuko. UMLANDO UYAQHUBEKA.

2 comments:

  1. Ngicela Ukephi ungisiza ngokunaba ngomlando wakwa mnyango nabantu bakwa msane. Noko ngiyaqonda ukuthi yi trust yakwa msane kepha Ngicela usizo

    ReplyDelete
  2. Ngicela uwulandele khona lapha ezinkundleni zokuxhumama.

    ReplyDelete